Akuhambi kahle ngamathikithi e-Afcon eThekwini

2013-01-16 14:04
Yabelani Shicilela

Durban - Ayisilinganiso esiyikota kuphela amathikithi asethengisile emidlalo ye-Africa Cup of Nations, ekubhekeke ukuthi idlalelwe enkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Abekomidi iLocal Organising Committee (LOC), bakhiphe lo mbiko ngoLwesithathu bethi idolobha lizosingatha imidlalo eyisithupha, ehlanganisa umdlalo wama-quarter-final nama-semi-final.

Akubukeki neze kuhamba kahle ngokuthengiswa kwamathikithi, njengoba namanje ungekho umdlalo ekubikwe ukuthi asephelile amathikithi awo.

Inkundla izosingatha umdlalo weNingizimu Afrika ne-Angola, ngoLwesithathu oluzayo, iphinde isingathe omunye wayo iNingizimu Afrika neMorocco, mhlaka-27 Febhuwari.

“Asikathengisi amathikithi amaningi, empeleni sithengise kuphela u-25%. Kumele kwenziwe okuthize ukuqguqguzela abantu ukuthi bathenge amathikithi," kusho uSihlalo ekomidini uChief Mwelo Nonkonyana.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C High level clouds. Mild. Pta: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...