Akucaci ngekusasa likaPienaar
2012-04-12 12:04
Johannesburg - URob
Moore omela uSteven Pienaar umile kwelokuthi i-Everton ayikaxoxisani
neTottenham Hotspur ngokusayina isihlabani seBafana Bafana ngokugcwele, kubika iKickOff.com.
UPienaar
udlala kahle kakhulu kulezi zinsuku selokhu ahamba eWhite Hart Lane wabolekiswa
eqenjini lakhe elidala ngoJanuwari.
Ukufika
kwakhe sekwenze i-Everton yangaphezulu komkhaya bayo iLiverpool kwiligi, kanti
umqeqeshi we-Everton uDavid Moyes uyafuna ukusibuyisa lesi sihlabani
eMerseyside.
Kodwa
uRob Moore uveze ukuthi iSpurs ayikangeni ezingxoxweni zokudayisa uPienaar –
ofake igoli ngesikhathi bedla iSunderland ngo 4-0 ngoMsombuluko.
“ISpurs
ayikakhulumi lutho ngokumgcina noma ngokumhambisa uSteven," etshela
iKickOff.com.
“USteven
akabuki nje ngale kwesizini - kodwa ufuna ukudlala kahle manje esaku-Everton
ukuze igama lakhe liqhubeke nokuba ngundabuzekwayo ngendlela adlala ngayo,
njengoba enza nje.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24