Akubhekisiwe amahlongandlebe - Nematandani

2012-10-01 16:36

Johannesburg - Kumele buqedwe nya ubudlova obenzeka ebholeni laseNingizimu Afrika, kusho umengameli weSA Football Association, uKirsten Nematandani.

"Abantu abaningi bahamba nemindeni yabo beyobukela ibhola ngoba befuna ukuzithokozisa, kumele bavikelwe ezixhwanguxhwangwini nezidlova," kusho isitatimende sikaNematandani.

"ISafa iyakugxeka ukungaziphathi kahle kwabalandeli."

UNematandani uthe ababukeli bebhola kumele bafunde ukwamukela imiphumela yemidlalo.

"Angeke sivumele abantu ukuthi bazithathele umthetho ezandleni zabo, uma benza njalo balimaza isithunzi esasunguleka ngesikhathi semidlalo yendebe yomhlaba ngonyaka ka-2010."

UNematandani usho kanjena ngemuva kokungaziphathi kahle kwabalandeli beMamelodi Sundowns, ngesikhathi iqembu lidliwa ngo-2-0, lishaywa yiMoroka Swallows, eDobsonville Stadium.

Abalandeli bavuke umbhejazana badicilela phansi impahla ngesikhathi bethukutheliswa ukushaywa kweqembu izikhathi zilandelana.

Umengameli ucele amaqembu ukuthi ayale abalandeli ngendlela yokuziphatha, wathi okwenzeka ezinkundleni kubukwa wumhlaba wonke.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C More sun than clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-18°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...