Akeneme uMasilela ngokuthi uzoba yisibukeli kowePSL

2015-05-15 12:34

Johannesburg - Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uTsepo Masilela, uthi ukunqoba isicoco seligi  kuyinto enkulu kunazo zonke.

UMasilela udlale indima enkulu ekutheni Amakhosi anqobe eseligi kule sizini, uqale imidlalo engu-28, kanti futhi wabanesandla emagolini amathathu kwashaywa yiqembu lakhe koweMTN8.

Lo mdlali kodwa uzobe eyisibukeli emcimbini wePSL wokuklonyeliswa kwabadlali ngeSonto eSandton.

Funda nalolu daba: UBatxer uthi babenika nabanye ithuba

Ozakwabo, uTefu Mashamaite, Mulomowandau Mathoho, Willard Katsande, George Maluleka noMandla Masango bona basethubeni lokuthola imikomelo, kanjalo nomqeqeshi uStuart Baxter.

“Ukunqoba izicoco kuyinto enkulu,” kusho uMasilela kwi-website yeqembu lakhe. “Isicoco seligi sinqotshwa ngokubambisana. Sisinqobe ngokubambisana nathi.”

“Uma ngikhuluma iqiniso nje, bengingakulindele vele ukuba igama lami liphakanyiselwe kweyePSL. Ngakho angidumele kakhulu. Ngokwami, akukho okudlula ukunqoba eseligi.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...