Akabhekile ukujoyina elePSL oweBafana

2015-07-22 15:55

Johannesburg – Isiqongqwane sasemuva seBafana Bafana uRivaldo Coetzee uthe ukusuka kwi-Ajax Cape Town ajoyine elinye iqembu eligijima kwi-Absa Premiership akuyona into ehamba phambili kuyena.

Ekhuluma ngesikhathi ama-Urban Warriors ethula ngokusemthethweni ijezi lawo lesizini ka-2015/16, lomdlali ukubeke kwacaca ukuthi okusemqoka manje kuyena ukulungiselela ukuqala kwesizini ne-Ajax.

Mayelana namahlebezi athi angase ajoyine elinye lamaqembu azinze eGauteng uCoetzee uthe:

“Akukho okusemthethweni okwamanje.

Ngilinde ukuzwa ngemanenja yami.

Kusukela sathatha ikhefu lokuvalwa kwesizini imanenja yami ayikaze ingitshele ngamqembu angufunayo.

OLUNYE UDABA:Ubolekiswe kwelidlala ehlathini oweBhakabhaka

Nginenkontileka ne-Ajax ngakho umqondo wami usagxile kuyona.

Kimina ukusuka kwi-Ajax ngijoyine elinye iqembu elidlala kwi-PSL akuyona into ehamba phambili," kusho uCoetzee ngokubika kweKickOff.

Ebuzwa ngokujoyisa iqembu elinobudlelwa ne-Ajax i-Ajax Amsterdam phesheya uCoetzee uthe:

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuyodlala phesheya kwezilwandle.

Ukuya e-Amsterdam, kwelinye lamaqembu amakhulu emhlabeni kungaba yinto enkulu ngempela kimina ngoba bayabanakekela abadlali babo abasebancane.”

I-Ajax Cape Town izoba yingxenye yomqhudelwano obizwa ngeCape Town Cup  eCape Town Stadium ngoLwesihlanu ebusuku lapho kuzodlala amaqembu amane okubalwa kuwo iSuperSport United , Crystal Palace neSporting Lisbon.

      -  “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         -  Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...