Ahamba ubuthaphuthaphu aweChiefs nePirates
2012-11-26 16:44
Johannesburg - Abezindaba zeKickOff.com sebeqinisekise ukuthengiswa kwamathikithi angu-80 000 omdlalo ozoba phakathi kwezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, ozobanjelwa eSoccer City mhlaka-08 Disemba.
Umdlalo uzoqala ngo-15:30.
Umxhumanisi wabezindaba nePirates uMickey Modisane, utshele abezindaba wathi angaphansi kuka-8 000 amathikithi asele.
"Ngithanda ukugqugquzela bonke abalandeli be-Orlando Pirates ukuthi bathenge la mathikithi asele,” kusho uMoodisane.
"Nokho sinomunye umdlalo neChippa United, nakuwo siyacela abalandeli baphume ngobuningi babo, umdlalo ungomhlaka- 4 Disemba, ngaphambi kokuthi sibhekane nezimbangi zethu.”
IPirates izodlala namaChilli Boys ngaphandle kukaSiyabonga Sangweni noSifiso Myeni, bobabili abanamakhadi aphuzi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24