Abawuvali umlomo ngeBafana

2013-01-28 10:03

Durban - Kuhalaliselwe iqembu lebhola lezinyawo kuleli nguhulumeni neSA Football Association (SAFA) ngemuva kokuthi iBafana Bafana ifinyelele kuma-quarter finals kowe-Africa Cup of Nations okokuqala eminyakeni engu-11.

IBafana idlale ngokulingana ngo 2-2 neMorocco eThekwini yaqeda iphezulu kuGroup A.

"Sithanda ukubonga izwe ngokungayilahli iBafana," kusho uNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula esitatimendeni.

"Siyinqobile impi. Abadlali beBafana bangamasosha angempela."

Umengameli weSAFA uKirsten Nematandani uthe iqembu 'libuyisele ukuziqhenya nenhlonipho' ezweni.

“Niziqophele umlando nemindeni nabangani benu," kusho uNematandani.

IBafana ibuye ngamagoli kaMay Mahlangu noSiyabonga Sangweni.

Uthe uyathemba ukuthi iqembu lingazimisela lize lifinyelele kowamanqamu uma liqhubeka nokuzethemba.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesayine kuPirates uQalinge

2014-07-30 16:00
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...