Abadlali beCongo bebemqeda uSerero - Mashaba

2014-10-16 12:32

Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba ukhale ngabadlali beCongo athe bebephume umkhankaso wokudlalisa kabi uThulani Serero emdlalweni walamaqembu obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

IBafana Bafana neCongo badlale ngokulingana kulo mdlalo wokuhlunga we-2015 Africa Cup of Nations njengoma womabili la maqembu ehlulekile ukubhakuzisa inethi.

“Bekuwumdlalo onzima kakhulu njengoba besilindele, beze kulo mdlalo besilungiselele futhi bebengazimisele neze ukuhlulwa.

OLUNYE UDABA: ULe Roy usabisa ngokuceba uMashaba

Bakujabulelile ukuthola iphuzu kulo mdlalo,” uMashaba etshela i-KickOff.

“Bengithandazela ukuthi lingani ngoba ngiyazi abadlali baseNingizimu Afrika abadlali kahle uma linetha,” kusho lo mqeqeshi enanela ngokuthi asikho isidingo sokutatazela.

Uqhube wathi umdlalo wabo bebewugxilise ekukudlaliseni kabi uSerero.

“Bebemkhahlela bemdlalisa kabi beklubonakala nje ukuthi ugcine engasekho kulo mdlalo,” kusho uMashaba.

Umdlalo weBafana olandelayo uzo ngomhlaka 15 kuNovemba.   

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...