AMatsatsantsa azozimisela eDRC

2013-02-15 12:02

Johannesburg - Yize ishaywe yi-Orlando Pirates muva nje, iSuperSport United ifulathele leli njengoba iyobhekana neCS Don Bosco koweCAF Confederation Cup, igcwele ukuzethemba.

I-United ishaywe ngo 1-0 e-Orlando Stadium eSoweto phakathi naleli sonto kodwa iqembu lithi selikudlulisele lokho njengoba lizimisele ngokuthi izwe liziqhenye ngayo uma isidlala eDR Congo ngeSonto.

Ekhuluma neKickOff.com ese-OR Tambo Airport eGoli, umdlali uThabo September uthe bawulungele lo mdlalo weCAF, yize noma bengazi lutho olutheni ngeDon Bosco.

“Sesiwudlulisile umdlalo wethu nePirates,” kusho uSeptember. “Sekuyinto edlulile kodwa into enhle ngalowa mdlalo ukuthi sibonile la kumele silungise khona ukuze siphumelele eDR Congo.

“Kunomuzwa omnandi ekhempini kanti asikuboni okungasidikibalisa okwamanje."

ISuperSport kulindeleke ukuba ibuyele kuleli ngoMsombuluko ukuzilungisela umdlalo wayo naMaZulu eThekwini ngoLwesithathu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...