Uzonyuka ngo-45c u-petrol ngesonto elizayo

2016-10-28 17:59

Cape Town – Amandla erandi uma liqhaqhathaniswa nezimali zakwamanye amazwe, ukunyuka kwentengo ya-petrol emhlabeni wonke, udizili kanye nopharafini, yisona sizathu esizokwenza ukuthi abashayeli bezimoto bakhokhe kakhudlwana ngenyanga ezayo. lokhu kumenyezelwe wuMnyango wezaMandla.

NgoLwesithathu, intengo yazo zonke izinhlobo zika-petrol izonyuka ngo-45c ilitha, bese kuthi udizili wona unyuke ngo-63c ilitha, kusho lo Mnyango esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Usuphelile uphethiloli kwamanye amagalaji eThekwini 

Lokhu kusho ukuthi abashayeli bezimoto abamaphakathi nezwe bazokhokha u-R13.05 ilitha, bese kuthi labo abahlala ogwini lezwe bona bakhokhe u-R12.57 ilitha uma bethenga u-petrol.

Ngakolunye uhlangothi abashayeli bezimoto abahlala maphakathi nezwe bona sebezokhokha u-R11.34 ilitha, bese kuthi labo abahlala ezindaweni ezisogwini bona bakhokhe u-R10.96 uma bethenga udizili.

UMnyango wezaMandla uthi ukunyuka kwentengo ya-oyela ongahluziwe, amandla erandi kanye nokunyuka kwentengo ya-petrol, udizili kanye noparafini emhlabeni wonke kube nomthelela kulokhu kunyuka.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...