'Uzomba eqolo uphethiloli ngo-Ephreli' - AA
2018-03-15 14:03
Johannesburg - Yize amanani kawoyela etshengisa ukuthi azophinde ehle futhi ekupheleni kwenyanga, uphethiloli kanye nokunye kulindeleke ukuba kwenyuke ngenxa yokwenyuka kwama-fuel levies ngo-Ephreli.
Lokhu kushiwo yi-Automobile Association (AA), ebiphawula ngamanani angaqinisekisiwe kaphethiloli akhishwe maphakathi nenyanga, ngokombiko okhishwe yiCentral Energy Fund.
I-AA ithi: "Sizinzile isimo serandi uma liqhathaniswa nedola kusukela kuqale inyanga, njengoba irandi lisehle ngo-2 cents kuphela uma liqhathaniswa nedola.
"Kusona lesi sikhathi esifanayo, amanani kawoyela emhlabeni nawo ehlile."
OLUNYE UDABA: Uyenyuka uphethiloli ngesonto elizayo - UMnyango
Lo soseshini uthi uphethiloli utshengisa izinkomba zokuthi ungase wehle ngemali ebalelwa ku-12 cents ilitha kuthi udizili wona wehle ngo-18 cents ilitha.
Nokho, i-AA ithi yize kuqagulwe ukwehla kukaphethiloli, ukufakwa kuka-52 cents we-levy kuzophoqa ukuthi uphethiloli wenyuke.
"Yize kuqagulwa ukuthi uphethiloli ungase wehle ngo-12 cents ilitha, kodwa uma sekuhlanganiswe konke ungase wenyuke ngo-40 cents ilitha ngenxa yokwenyuka kwama-levy eGeneral Fuel naweRoad Accident Fund njengokwesimemezelo sikaNgqongqoshe uMalusi Gigaba ngesikhathi ethula isabelomali ngoFebhuwari."
Udaba oluphelele lapha.
- Wheels24