Uyenyuka uphethiloli ngesonto elizayo - UMnyango

2016-09-30 16:03

Cape Town – UMnyango wezaMandla umemezele ngoLwesihlanu ukuthi kusukela ngoLwesithathu, okungumhlaka-5 Okthoba, uyenyuka uphethiloli.

UMnyango uthi uphethiloli i-93 octane uzonyuka ngo-44 cents ilitha, kuthi i-95 octane yona yenyuke ngo-43 cents ilitha.

OLUNYE UDABA: Uyehla futhi uphethiloli ngesonto elizayo

UIdizili wona uzonyuka ngo-23 cents ilitha, kuthi uphalafini nawo unyuke ngo-22 cents ilitha.

UMnyango uphethe ngokuthi igesi izokhuphuka ngo-58 cents ikhilo.

Uphethiloli unyuka nje, uMnyango ubusanda kukhipha isitatimende wathi ukwehla kwamanani kaphethiloli kwakamuva kuzoba yinto yesikhashana, njengoba izibalo zakamuva zoMnyango wezaMandla ziveza ukuthi ngeke kwagwemeka ukwenyuka kwamanani.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...