Uyaqhubeka umdonsiswano womsunguli ka-‘Please Call Me’ noVodacom

2017-01-30 13:00

Johannesburg – Namanje awukapheli umdonsiswano phakathi kwesikhondlakhondla senkampani yomakhal ‘ekhukhwini, uVodacom, kanye nomsunguli we-‘Please Call Me’, uKenneth Makate.

UVodacom uthi uzibophezele ezingxoxweni noMakate, ngemuva kokuthi le nkampani ifake amaphepha asenkantolo ngesonto eledlule.

Le nkampani ifake isitatimende esifungelwe eNkantolo yoMthethosisekelo nalapho ibiphendula khona ngesicelo sakamuva sasenkantolo esifakwe uMakate.

OLUNYE UDABA: Owe-EFF ukhwele wadilika ku-Vodacom ngokubiza kwama-data

Le nkantolo enkulu kunazo zonke ezweni yanquma ukuthi uVodacom akhokhele uMakate ngomqondo wakhe wokusungula uPlease Call Me.

UMakate  wayengumsebenzi wakwaVodacom kanti wavunywa yiNkantolo yoMthethosisekelo njengomnikazi womqondo wePlease Call Me ngonyaka ka-2001.

Lolu hlelo lukaPlease Call Me luvumela amakhasimende angenamali emafonini ukuba athumele umyalezo mahhala wokucela ukuba afonelwe.

Ukunqoba kukaMakate eNkantolo yoMthethosisekelo kwafika ngemuva kweminyaka eminingi elwisana nalesi sikhondlakhondla senkampani enkantolo ngalolu daba.

Umyalelo wasenkantolo wayalela zombili izinkantolo ukuba zixoxisane ngemali efanelekile okumele ikhokhelwe uMakate.

Kodwa-ke izingxoxo zafika kwangqingetshe nokwaholela ekutheni lolu daba luphinde lubuyele enkantolo. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...