UVodacom uthi uzobakhokhela abadlelwe ama-data

2017-08-22 09:33

Johannesburg –Uvodacom usuthembise ngokuthi uzobuyisela imali amakhasimende awo adlelwe ama-data ngendlela engafanele ngoMsombuluko ebusuku, kulandela ukuthi inqwaba yamakhasimende enikele ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuntshontshelwa ama-data, nokuwashiye engakwazi ukungena ku-internet.

Okhulumela uVodacom, uByron Kennedy, utshele iFin24 ukuthi lesi sikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana siphezu kwezinhlelo zokukhokhela amakhasimende athikamezwe inkinga yokukhokhiswa kwamakhasimende ngokweqile ngoMsombuluko ebusuku.

“Sizoqinisekisa ukuthi konke ukukhokhiswa okuhlobene okungekho ngaphansi kwenkontileka kuyabuyiselwa bese ama-data abesephelile abuyiselwe. Siyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka,” uKennedy utshele iFin24.

OLUNYE UDABA: #DataMustFall: UVodacom uthi uzibophezele ekwehliseni intengo yama-data

Ithimba elisebenza ngezinkundla zokuxhumana kwaVodacom liye lathwala kanzima ngoMsombuluko ngesikhathi umbhalo wokuqala wale nkampani yezokuxhumana obusho ukuthi iyazi ngenkinga yama-data ube nama-comments angaphezu kuka-12 000 abebhalwa amakhasimende abethukuthele eveva.

Ngisho nalowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, uphawulile kuTwitter, wathi ukuphela okungaka kwama-data akwaVodacom kungase kusho ukulahleka kwemisebenzi kanye namathuba okufunda.

Ubephendula embhalweni osabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko, ngemuva kokuba umfundi wakwa-grade 12 ethenge i-airtime ka-R10 ukuze athenge ama-data ka-50MB, navele aphela wonke ngaphambi kokuba athumele isicelo se-bursary – nalapho isikhathi esingumnqamulajuqu sokufaka isicelo besingawo uMsombuluko ebusuku. 

                        

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...