UVodacom nohlelo olushibhile lokubuka ama-video ku-YouTube

2017-05-30 07:03

Johannesburg – Inkampani yezokuxhumana kuleli uVodacom ufuna ukwethula ubuchwepheshe obusha obuzovumela amakhasimende ukuthi akwazi ukubukela ama-video eYouTube kodwa ebe e-offline.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-CEO yale nkampani, uShameel Joosub, etshele iFin24 ukuthi uVodacom uhlela ukunikeza amakhasimende ithuba eliningi lokukwazi ukubuka ama-video.

Emizamweni yale nkampani yokukwenza kube lula ukuthi amakhasimende akwazi ukubuka ama-video, uVodacom usebenzisana nesikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana, u-YouTube ukuze wethule uhlelo olubizwa nge-YouTube Smart Offline.

OLUNYE UDABA: Angase ehle kakhulu ama-data kwaVodacom, kusho isikhulu

Lobu buchwepheshe buvumela amakhasimende asebenzisa i-Android ukuthi ahlele isikhathi sama-video downloads ukuba sibe sebusuku phakathi kuka-00:00 kanye no-05:00, nokuzobakhuthaza ukuthi bathenge ama-data ashibhile akwaVodacom ngaphansi kohlelo lwe-Night Owl Bundles ukuze bawasebenzisele ukuthola lama video.

Lolu hlelo seluvele luyatholakala kubantu abasebenzisa i-prepaid ne-hybrid, njengoba uhlelo lwabasebenzisa izinkontileka kulindeleke luqale ezinyangeni ezimbalwa.

“Nge-YouTube Smart Offline, senza kushibhe kakhulu kumakhasimende ukufinyelela kokuqukethwe ngesivinini esishesha kakhulu sama-download,” kusho uZunaid Mahomed, oyi-Group Digital and Fixed Services Officer.

I-YouTube Smart Offline iphinde igweme ubuhixihixi kanye namanani engeziwe ama-data uma ngabe abantu bebuka ama-video ku-YouTube.

UJoosub usanda kutshela iFin24 ukuthi intengo yama-data ingase yehle kakhulu kwaVodacom, ngemuva kokuthi umphumela wakamuva ukhombise ukuthi inyukile imali eyenziwe yile nkampani ngenxa yokunyuka kwesibalo sabantu abasebenzisa ama-data. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...