Uthola usizo ngapha nangapha ophuthwe yi-bursary egilwa uVodacom

2017-08-23 11:02

Johannesburg – Usethola usizo ngapha nangapha umfundi ophuthwe umnqamulajuqu wokufaka isicelo somfundaze ngenxa yokugilwa uVodacom uqeda ama-data akhe ngoMsombuluko kusihlwa, nokuyinto esheya amakhasimende eveva ezinkundleni zokuxhumana.

Umbhalo kaBongani Mthombeni kuFacebook usabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko kusihlwa.

Ngemuva kokuthi ilungu lomndeni limthumelele ama-data, uMthombeni, 17, uzame ukufaka isicelo, obekudingeka ukuthi asifake nge-email.

Kulandela lo mbhalo wakhe, ube esethintwa yinqwaba yabantu ezinkundleni zokuxhumana bemeseka futhi bemunikeza nosizo ngemuva kokuthi engakwazanga ukufaka isicelo sakhe ngemuva kokuthi lesi sikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana siqede ama-data akhe ngesikhathi silungisa ubuxhakaxhaka baso.

OLUNYE UDABA:‘Vodacom hlukanani nokusintshontshela!’ – Amakhasimende ayaveva ezinkundleni

UMthombeni uthi uVodacom uzame ukumthinta kodwa awuphumelelanga ngoba bekungesikhathi sokufunda.

“Ngibonga kakhulu ngokweseka engikuthole emphakathini. Bengingalindele nokuthi uVodacom uzophendula, ngoba lena yinto engenzeki uma ngabe amakhasimende enenkinga,” uMthombeni utshele iFin24.

Lo mfundi kamatikuletsheni e-Unitas Secondary School, eFree State, uthi unethemba lokuthi uzokwenza izifundo zeChartered Accountancy, nalapho ecuphe ngezifundo zobudokotela kanye nezobumeli njengezifundo azozikhetha uma engaphumeleli ekwenzeni ezeChartered Accountancy.

UMthombeni uthi njengoba enomama ongasebenzi, ufisa ukuthi uma esesebenza naye asize abantu emiphakathini yasemakhaya, ikakhulukazi abangasebenzi.

Kuyimanje uselinde ukuzwa impendulo kule nkampani afake kuyona isicelo ukuthi isicelo sakhe somfundaze siphumelele yini. 

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...