UTelkom uwine ingqophamlando yecala ngoVodacom

2017-07-27 12:29

Johannesburg – Isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana kuleli yomakhalekhukhwini kanye nezingcingo zasendlini, uTelkom, usuwine icala eliyingqophamlando kanye nezindleko zalo njengoba ubumangalele uVodacom [JSE:VOD] ngokusebenzisa ngokungekho emthethweni ingqalasizinda yawo.

UTelkom uthi ufake isicelo esiphuthumayo enkantolo ebesibhekene noVodacom, nebesimayelana nokusebenzisa ngokungekho emthethweni kukaVodacom ingqalasizinda kaTelkom eseDennegeur, eKapa.

OLUNYE UDABA:Sichithiwe isikhalo sikaMTN ngesikhangiso saVodacom esithi yiwona ohamba phambili

“Ukukhathazeka kwethu bekungukuthi uVodacom ufinyelele ngokungekho emthethweni kwingqalasizinda engamapayipana [ahambisa amakhebula] yakwaTelkom sabe sesicela inkantolo ukuba iyalele uVodacom asuse amakhebula akhe emapayipini ethu,” oyiGroup Communications Executive, uGugulethu Maqetuka, ubeke kanjalo esitatimendeni.

“UTelkom ujabule ngokuthi inkantolo ivune thina futhi yavuma ukuthi ingqalasizinda yethu angeke kwafinyelelwa kuyona ngaphandle kokulandela uhlelo lwezokulawula olubekiwe,” kusho uMaqetuka.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...