USOMABHIZINISI WANGAKINI: USifiso Mtshali uqashisa izindlu zangasese

2018-01-03 16:00

eThekwini - uSfiso Mtshali, 29, ohlala kwaSokhulu, eRichards Bay wafikelwa wumqondo wokuqala ibhizinisi lokuqashisa ngezindlu zangasese eminyakeni eyisikhombisa eyedlule.

Lokhu wakwenza ngoba ebona ukuthi abangomakhelwane badonsa kanzima kakhulu ukuthola amathoyilethi angomahamba nendlwana uma benemicimbi.

Wabona kunesikhala esikhulu sokuba azuze ngaleli bhizinisi emakhaya nabantu bakwazi ukuthola usizo oluseduze bangayi edolobheni.

OLUNYE UDABA:USipho Ndaba: UMhleli wemicimbi esoqphelweni eliphezulu

Ibhizinisi likaMtshali selithuthuke kangangokuba akasaqashisi kuphela ngamathoyilethi angomahamba nendlwane abasezingeni eliphezulu, kodwa futhi uqashisa nangama-Mobile Coldroom, amathende kanye ne-sound yemicimbi emincane kanye nemikhulu.

"Ukuqala kwami leli bhizinisi kwakuwusiza abantu ukuthi bengahambi ibanga elide, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi kuningi okudingekayo. Ilapho ngaqala khona ukuvula amahehlo ngabona ukuthi angihlinzekeke nangezinye izidingo ezidingwa umphakathi waseRichards Bay namaphethelo.

"Namuhla sengiyakwazi ukubeka isinkwa etafuleni emndenini wami, ngibuye ngizibambele kwamanye uma kushoda abasebenzi. Ngiyakholelwa ekutheni kumele usebenze ngokuzikhandla ukuze uphumelele empilweni, ukusebenza kanzima ikhona okungenza ukuthi ngiphokophele phambili”. Kusho uMtshali.

Uveze ukuthi useqashe abantu abevile ku-30, futhi uzimisele ukuthi aqashe abaningi kulo nyaka.

Uthi akazisoli nakancane ngokusungula leli bhizinisi kanye nokulikhulisa ngoba esikhathini samanje, baningi abantu abenza imicimbi nokusho ukukhula kwamathuba okusebenza.

UMtshali uthi uyafisa ukuba ibhizinisi lakhe lisabalale nakwezinye izindawo kulesi sifundazwe.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...