Useyisikhulu esiphezulu kwaVodacom owayenguNgqongqoshe

2017-06-15 12:31

Johannesburg – Lowo owayenguSekela Ngqongqoshe wezeziMali kuzwelonke, uJabu Moleketi, useqokwe njengoSihlalo omusha wesikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana, uVodacom, nokuyisikhundla azoqala ukusiphatha kusukela maphakathi noJulayi.

UVodacom umemezele ngoLwesine ekuseni ukuthi uMoleketi, okuyimanje uyi-Independent non-Executive Director kule nkampani yezokuxhumana yaseNingizimu Afrika, uzoqala kulesi sikhundla ngomhlaka-19 kuJulayi.

Ngale kokuba nguSekela Ngqongqoshe wezeziMali, waphinde waba nguNgqongqoshe wezeziMali kanye nezoMnotho eGauteng.

Useke waba semabhodini ahlukene ezinkampani okubalwa kuzo iMMI Holdings kanye nenkampani yokutshala imali, iBrait. aphinde wahlala nasebhodini le-FIFA 2010 World Cup Local Organising Committee.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ingaphakathi lamahhovisi amasha ceke kaFacebook eGoli

UMoleketi uvala isikhala sikaPeter Moyo, nozobeka phansi izintambo ebhodini lakwaVodacom emhlanganweni waminyaka yonke wale nkampani ngomhlaka-18 kuJulayi. UMoyo usezojoyina isikhondlakhondla senkampani yezezimali,u-Old Mutual, nalapho ezophatha khona isikhundla sokuba yi-CEO of Emerging Markets.

UVodacom uphinde wamemezela nokuthi usomabhizinisi odumile, uSaki Macozoma, uzoqala njenge-Lead Independent Director yale nkampani ngosuku olufanayo. Kuyimanje uMacozoma unguSihlalo weSafika Holdings, iTshipi é Ntle kanye neNtsimbintle Mining. Uphinde abe nguMqondisi wesikhondlakhondla senkampani yezimoto, iVolkswagen South Africa.

Ngale kwalokho, uMacozoma wayenguSihlalo weLiberty Life Holdings, uSihlalo weStandard Bank kanjalo noMengameli weBusiness Leadership South Africa.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...