Usesusiwe obebambe njengeCEO kwaSABC

2017-05-17 12:30

Cape Town – Usesusiwe esikhundleni sokuba yibamba lesikhulu esiphezulu eSABC, uJames Aguma.

UNgqongqoshe wezokuXhumana, u-Ayando Dlodlo, umemezele lezi zindaba ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi evele ngaphambi kwe-Standing Committee on Public Accounts (Scopa).

Oyi-General Executive for Technology, useqokwe njengebamba lesikhulu esiphezulu.

OLUNYE UDABA: U-SABC ufuna kukhokhelwe iTV licence ye-computer, ifoni ne-tablet

U-Aguma, noseyi-Chief Financial Officer (CFO), ubengekho kulo mhlangano. Ubelokhu engekho emsebenzini ngenxa yokugula kusukela ngoMsombuluko, ikomiti lizwe kanjalo.

USekela Sihlalo webhodi lesikhashana leSABC, uMathatha Tsedu, uthe uHlaudi Motsoeneng, unikezele ngesitatimende esifungelwe nalapho u-Aguma eveza ukuthi uyena owanika uMotsoeneng imvume yokuthi abambe isithangami sabezindaba esasusa umsindo ngenyanga edlule.

Kuso lesi sitatimende, u-Aguma uthi iSABC inqume ukuthi ingamthatheli izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe uMotsoeneng mayelana nalokhu.

UTsedu uthi ibhodi selinqume ukuthatha izinyathelo zokuqondisa izigwegwe, okuzolalelwa ngoLwesithathu, kanye nokuthi u-Aguma ubeyingxenye yalowo mhlangano.

ILungu lePhalamende leDA, uTim Brauteseth, uthi kunezinyathelo okufanele athathelwe zona u-Aguma ngalokhu.

Umhlangano uyaqhubeka. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...