USamsung uzodayisa kabusha amafoni aduma ngokugqamuka umlilo

2017-06-27 15:59

Seoul – Inkampani enkulu kunazo zonke emhlabeni ngokwakha amafoni, uSamsung, usumemezele ukuthi uzoqala ukudayisa amafoni ohlobo lwe-Samsung Galaxy Note 7 ngemuva kokutheleka ngehlazo ngesikhathi ucela amakhasimende ukuthi iwabuyisele emuva ngenxa yama­-battery ayeqhuma noma agqamuke umlilo.

Izinxushunxushu zokubuyiselwa emuva kwala mafoni amba eqolo zalahlekisela lesi sikhondlakhondla senkampani yaseKorea ngezigidigidi zamadola ngenxa yenzuzo eyayilahlekela kwaphinde kwalimala nokwethembeka kwayo emhlabeni wonke.

OLUNYE UDABA: Kubatshazwa ubuhlakani befoni yeSony ezobiza ukuwedlula wonke kuleli

Alinganiselwa ezigidini ezintathu amafoni angama-Galaxy Note 7 abuyiselwa kule nkampani, kodwa izinhlangano ezilwela ukunakekelwa kwemvelo okubalwa kuzo neGreenpeace, zazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi ukulahlwa kwala mafoni kungase kudale umonakalo kwimvelo.

Umthombo wezindaba waseSouth Korea, iYonhap kanye neminye imithombo yabezindaba bacaphune imithombo esembonini nalapho ibike ukuthi uSamsung usuzoqala ukudayisa la mafoni aselungisiwe futhi asenama-battery amasha aphinde ashaye nange-software yakamuva ngaphansi kwegama elithi Galaxy Note Fandom Edition (FE).

Azobiza ngaphansi kuka-700,000 won ($616) kanti ukudayiswa kwawo kulindeleke ukuthi kuqale ngomhlaka-7 July, ngokombiko eYonhap.

Yize noma lokhu kwathela ngelikhulu ihlazo uSamsung, kodwa le nkampani ikwazile ukuvuka izithathe njengoba isanda kwethula ubutsetsetse befoni, iGalaxy S8, neyathola okukhulu ukunconywa futhi yathengwa ubuthaphuthaphu. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...