USamsung ubhekene nezikhalo zamafoni ‘ane-screen esibomvu’

2017-04-24 19:30

Seoul – Isikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe, uSamsung, kuleli sonto uzonikezela ngohlelo lokushintsha i-software (software update) kumakhasimende asebenzisa ubutsetsetse befoni kanokusho esanda kuphuma, iGalaxy S8, le nkampani isho kanjalo ngoMsombuluko ngemuva kokuthi amanye amakhasimende ekhale nge-screen esinombala obomvu.

Ukwethulwa kwale foni kuyisinyathelo esibalulekile kule nkampani ezinze eSouth Korea njengoba izama ukudlulisa isigameko sangonyaka owedlule nesathela le nkampani ngehlazo ngesikhathi ihoxisa olunye uhlobo lwamafoni kanokusho, i-Galaxy Note 7, ngenxa yama-battery ayeqhuma aphinde adale nokokheleka ngomlilo, nokuyinto eyangcolisa igama lale nkampani ehlonishwayo.

OLUNYE UDABA: U-Samsung ulahlekelwe ngu-R33bn ngenxa yefoni egqamuka umlilo

IGalaxy S8 iqale ukudayisa eMelika kanye naseSouth Korea kodwa amakhasimende aseSouth Korea ayefake izicelo zokuthenga le foni ngaphambi kokuba iqale ukutholakala akhale ngokuthi ama-screens amafoni abo akhombisa umbala ongajwayelekile obomvu.

Izithombe abebezifake ku-internet zala mafoni zisabalale ezinkundleni zokuxhumana kodwa uSamsung uphika uma ngentaba ukuthi kukhona okungahambi kahle ngala mafoni wathi amakhasimende angazishintshela wona umbala we-screen ngendlela athanda ngayo.

Kodwa-ke kuthe uma ngabe banda abantu abazwakalisa izikhalo, uSamsung ngoMsombuluko wathi kuzoba nokushintshwa kwe-software okuzolungisa le nkinga.

USamsung iyona inkampani ehamba phambili emhlabeni ngokwakha ama-smartphone kanti ubeke amathemba awo kuGalaxy S8 njengoba uqhudelana nezimbangi ezinkulu, u-Apple, nge-iPhone.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...