URamaphosa useyazidayisa izitolo zakwa-McDonald’s

2016-09-21 14:31

Cape Town – Isiqumama sikasomabhizinisi wakuleli esiphinde sibe yiSekela Mengemeli, uCyril Ramaphosa, useyaludayisa uxhaxha lwezitolo zakhe ezidayisa ukudla okusheshayo, nezidume umhlaba wonke, uMcDonald’s.

U-McDonald’s South Africa ukuqinisekisile ukuthi uhlelo lokuvala isikhala sikaRamaphosa njengomnikazi wemvume yokuqhuba ibhizinisi lakwa-McDonald’s eNingizimu Afrika, luyaqhubeka.

“Inkampani engase ithenge, i-MSA Holdings, okuyinkampani ezinze e-United Arab Emirates,” kusho uMcDonald’s esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Iqembu le-ANC alidayisi - Ramaphosa

Ngenyanga kaMashi, ngonyaka ka-2011, uRamaphosa wathola isivumelwano seminyaka engu-20 sokuqhuba ibhizinisi lezitolo zokudla ezingu-145 zakwa-McDonald’s eNingizimu Afrika.

Emva kokhetho lukazwelonke ngo-2014 uRamaphosa wamemezela ukuthi usezohoxa ekubambeni iqhaza kwinqwaba yamabhizinisi akhe angaphansi kwenkampani angumsunguli wayo, iShanduka Group ukuze kungeke kube khona ukushayisana nomsebenzi wakhe njengeSekela Mengameli.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Sunny. Mild. PE: 14-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...