URamaphosa ‘usayine’ esokuholelwa kwabasebenzi u-R20 ngehora

2017-02-08 11:30

Cape Town – USekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, usesayine isivumelwano seholo eliphansi okungafanele kube khona umsebenzi ohola ngaphansi kwalo (minimum wage), nokuyisivumelwano sokuholela abasebenzi u-R20 ngehora esiphakathi kwemboni yezemisebenzi, ezamabhizinisi kanye nohulumeni.

Lokhu kuvezwe uNobhala Jikelele weFederation of Unions of South Africa (Fedusa), uDennis George, ngoLwesithathu, nalapho eveze ukuthi lesi sivumelwano ekade sabhekwa ngabomvu sisayinwe ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL ifuna abasebenzi baqale ku-R5 000 ukuhola

Okhulumela uRamaphosa, uRonnie Mamoepa, unqabile ukuqinisekisa lesi sivumelwano ngoLwesibili kusihlwa.

Lesi sivumelwano kufanele engabe sisayinwe ngoLwesibili emhlanganweni wesidlo sasemini we-InvestSA nobusingethwe uMengameli Jacob Zuma eKapa ngaphambi kweState of the Nation address (Sona) ngoLwesine.

Kodwa-ke iHhovisi likaMengameli limemezele ukuthi liyakuhlehlisa ukusayinwa kwalesi sivumelwano ngenxa yokuthi umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, icele ukuba kuhlehliswe kuze kube iCentral Executive Committee (CEC) yayo ibuyekeza isiphakamiso esisha.

Kodwa-ke ngokusho kukaGeorge, iCosatu ihluleke yancama ukumisa ukusayinwa kwalesi sivumelwano.

Uphinde waveza nokuthi kunokukhathazeka ngokuthi abaqashi bangase banciphise amahora asetshenzwa abasebenzi ngenxa yalesi sivumelwano esisha. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...