UNgqongqoshe wethule ibhodi lesikhashana lakwa-Eskom

2017-06-23 14:00

Johannesburg – UNgqongqoshe wamaBhizinini kaHulumeni, uLynne Brown, usethule ibhodi lesikhashana lakwa-Eskom nelibhekene nomqansa wokukhipha le nkampani ephehla amandla kagesi ezindabeni eziningi esezisuse umsindo.

UNgqonqoshe useqoke amalungu amane esikhashana ebhodini nokuzokwenza ukuthi isibalo sabo sifinyelele ku-9.

Kumele kube namalungu angu-15, uBrown utshele abezindaba ngoLwesihlanu. Bazoba ngamalungu ebhodi okwesikhashana kuze kube ulethula ePhalamende, usho kanjalo.

La malungu amasha nguPulane Molokwane, uSimphiwe Dingaan, uBanothele Makubile kanye noSathia Seelan Gounden.

OLUNYE UDABA: U-Eskom usuqoke ozobamba njenge-CEO

UBrown ubelokhu eyihlongoza sakugwegweza indaba yokulungiswa kwebhodi lakwa-Eskom kusukela kwavela udaba olwasusa umsindo lwemali yokuthatha umhlalaphansi isikhathi singakashayi engu-R30m nokwakumele ikhokhelwe lowo owayeyi-CEO yayo, uBrian Molefe, kanjalo nokubuya kwakhe isikhashana kulesi sikhundla.

ILungu lebhodi, uZethembe Khoza, ngesonto eledlule uqokwe njengoSihlalo osabambile ngemuva kokusula kukaBen Ngubane.

UKhoza, uPat Naidoo kanye noGiovanni Leonardi babuye baqokwa ebhodini.

Omunye ojoyine ibhodi ngumakadebona wesikhulu sakwa-Eskom, uJohnny Dladla, noqokwe njengeChief Executive Officer yakwa-Eskom ngoLwesine. Elinye ilungu lebhodi yilowo oyiChief Financial Officer yakwa-Eskom, u-Anoj Singh.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...