UNgqongqoshe akagculisikile ngezimpendulo zakwa-Eskom

2017-09-16 13:04

Johannesburg – UNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown uthi akagculisekile ngezimpendulo zika-Eskom mayelana nezinsolo zenkohlakalo nezokungaphatha okuphambene nomthetho.

Ubenomhlangano nebamba likasihlalo wakwa-Eskom, uZethemba Khoza, ngoLwesihlanu, wabuza le nkampani kagesi ngokuzibophezela kwayo ekulungiseni izinkinga ekuzona.

UBrown uthi le nkampani kagesi imthumelele izimpendulo ezingahlelekile mayelana nemibuzo abeyibuzile ngobudlelwane bayo nenkampani esebenzisana neyakwaGupta, iTrillion.

OLUNYE UDABA: U-Eskom ufake isicelo sokwenyusa amanani kagesi ngo-19.9%

Ibhodi lakwa-Eskom kulindeleke lihlangane noMsombuluko.

UNgqongqoshe ufuna izimpendulo ngoLwesibili, ngezinto ezihlanganisa ukuqondiswa kwezigwegwe, uphenyo ngamathenda angaqondakali, nokunye.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...