UNedbank uxhase ngo-R150 000 kwabayoqala enyuvesi

2017-02-02 18:00

 Ibhange lakwaNedbank ubambisene noMasipala weTheku bazonikela ngemali elinganiselwa ku-R150 000 kubafundi abaya enyuvesi.

Lokhu kuvele emcimbini wokuklonyeliswa kwabafundi bakamatikuletsheni eNkosi Albert  Luthuli International Convention Centre  (ICC) ngoLwesithathu olwedlule.

OLUNYE UDABA:Bafuna uxhaso abalimi - Olifant

Umphathi waleli bhange uMnuz Terence Sibiya  utshele abe-Eyethu News  ukuthi ngonyaka ozayo  bazosungula  lesi isikhwama sokulekelela abafundi.

“Sibonile  ukuthi  umfundaze  awukwazi ukufinyelela  kuzona zonke izidingo zabafundi, kukhona abantwana  abasuka emakhaya bengadlile.

“Lokhu okuyinto  enzima ukuthi baqhubeke  nokufunda  belambile, nathi  siyakwazi ukuhlupheka yingakho  sisungule  lesi sikhwama,” kubeka  uMnuz  Sibiya.

Uqhubeke  wathi  ngokufaka kwabo  isandla kwezeMfundo  bayalibona  isasasa  ngoba sebekhiqize  odokotela , othisha nabanye.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...