UMvikeli woMphakathi uzophenya ngempesheni kaBrian Molefe ka-R30m

2017-07-24 18:02

Johannesburg – UMvikeli woMphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, usevumile ukuphenya ngesinqumo esaholela ekutheni kugunyazwe inkokhelo yempesheni yesamba semali esingu-R30m kulowo owabe eyi-CEO yakwa-Eskom, uBrian Molefe.

Encwadini, uMvikekeli woMphakathi ukuqinisekisile ukuthi uzokwenza uphenyo, kodwa uzoluhlanganisa nezinye izikhalo ezimbili.

I-DA yacela ukuba kuphenywe ngemuva kokuba kuvele ukuthi ibhodi lakwa-Eskom lagunyaza ukuthi kukhokhelwe uMolefe u-R30m ngemuva kwezinyanga ezingu-18 nje kuphela eyi-CEO kulesi sikhondlakhondla senkampani ephehla ugesi kuleli.

UMolefe wabuye wabuya isikhashana njenge-CEO yakwa-Eskom ngomhlaka-15 Meyi, kodwa waphinde wakhishwa ngemuva kwamasonto amabili ngesikhathi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kahulumeni, uLynne Brown, eyalela ibhodi ukuba liguqule isinqumo sokumbuyisa.

OLUNYE UDABA:Lizoqondiswa izigwegwe ibamba lesikhulu esiphezulu kwa-Eskom

Ngemuva kwalokho ube (uMolefe) esefaka isicelo eNkantolo yezabaSebenzi ukuze isinqumo sokukhishwa kwakhe sizothathwa njengesingekho emthethweni.

Umbiko wophiko lwezindaba eziphenyiwe lweDaily Maverick, iScorpio, udalule ukuthi i-Eskom Pension and Provident Fund yephula imithetho eminingi ukuze kusizwe uMolefe athole lesi sizumbulu sempesheni. IScorpio yathola imiyalezo yama-email eyaputshuka yakwa-Eskom nedwaba isithombe sokuthi izikhulu zezempesheni zancengwa kanjani ukuze zigcine zigunyaze le mpesheni. Lo mbiko weScorpio waqubula imibuzo ngokuthi uMolefe kwakumfanele yini kwakuthi aze athole impesheni njengoba ayengesiyena umsebenzi oqashwe ngokugcwele.

Okhulumela iDA kwezamaBhizinisi kaHulumeni, uNatasha Mazzone, uthi umuntu ofana noMolefe “osephaketheni labakwaGupta” akumfanele nhlobo ukuthola impesheni ka-R30m, wathi empeleni akafanelwe ngisho isenti leli.

Uthi uMolefe kumele abuyisele emuva isenti nesenti lale mali. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...