UMvikeli woMphakathi uphikisa isicelo soMgcinimafa, iSARB kanye no-Absa

2017-07-06 14:00

Cape Town – UMvikeli woMphakathi uzofaka amaphepha aphikisana neHhovisi loMgcinimafa, iSouth African Reserve Bank kanye no-ABSA ngesonto elizayo, ihhovisi lakhe lisho kanjalo ngoLwesine.

Okhulumela uMkhwebane, uCleo Mosene, utshele iFin24 ukuthi uMvikeli woMphakathi uzofaka izitatimende ezifungelwe enkantolo ephendula ngesonto elizayo, kodwa wathi angeke baze bayikhiphe imininingwane yalokho kwabezindaba kuze kube lokho kuyenzeka.

“Kuwudaba olunempikiswano futhi oluthinta umphakathi,” usho kanje. “Asibhekani nalokhu kwabezindaba njengoba kungeke kube nobulungiswa.’

Uthe izincomo zikaMkhwebane azitolikwanga kahle, wathi akagxambukeli ekushintsheni uMthethosisekelo. “IPhalamende kumele liqale uhlelo,” usho kanje. “Bazolandela uhlelo lwabo.”

OLUNYE UDABA:IBhange ngodla selifake isicelo esiphuthumayo ngombiko woMvikeli woMphakathi

UMosene uthi iHhovisi loMgcinimafa belingakabathumeleli amaphepha, kulandela isitatimende salo kwabezindaba ngoLwesithathu nalapho lamemezela khona inhloso yalo yokuphikisana noMvikekeli woMphakathi.

“Sifunda kuphela esikubonayo kwabezindaba,” usho kanje.

Okhulumela iHhovisi loMgcinimafa, uMosene, ukuqinisekisile lokhu, wathi usuku lwabo lokugcina abazofaka ngalo amaphepha kuMvikeli woMphakathi kanye naseNkantolo eNkulu lungoLwesihlanu.

IHhovisi loMgcinimafa lesekela isicelo sangaphambilini seReserve Bank sokuthi kubuyekezwe izincomo zoMvikeli woMphakathi, njengoba izincomo zifuna ukushintsha umsebenzi waleli Bhange loMbuso ukuvikela amandla emali yakuleli.

UNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba, wayalela abameli ukuthi bafake isicelo sokuba kubuyekezwe umbiko woMvikeli woMphakathi bese ubuyiselwa eceleni kanjalo nezincomo zawo. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...