Umsunguli weFacebook ulahlekwele ngu-R40.8 billion ngesinqumo sakhe
2018-01-15 16:02
eKapa- Umsunguli kanye nomphathi weFacebook uMark Zuckerberg ulahlekwele ngu-R40.8 billion.
Lokhu kulandela isimemezelo sakhe sokuguqula indlela le nkundla yezokuxhumana elawula ngayo okuvelayo uma umuntu engena ekhasini lakhe.
UZuckerberg ukhiphe isitatimende sokuthi uFacebook wenziwa ngenhloso yokuxhumanisa abangani nemindeni. Kodwa-ke usuguquke waba yindawo yezamabhizinisi nezindaba nokuyinto esiqede inhlosongqangi yabo yokwandisa ubuhlobo.
"Ngiguqula inhlosongqangi engayinika ithimba esisebenza nalo sisuke ekukunikeni izindaba ozifunayo kodwa sikuxhumanise nalabo obadinga kakhulu,"kusho uZuckerberg.
Lesi sinqumo sakhe simlahlekisele ngo-R40.8 billion, nokwehlise imali eyenzayo ngo-4.4%.
OLUNYE UDABA:I-BBC imise isikhulu kulandela ukunyamalala kuka-R5m
Nenani lamasheya alewebhusayithi ehle cishe ngo-4% ngemuva kokuba uFacebook aphumele obala ngesinqumo sokuthi kuzoshintsha okuvela ebantwini uma bengena ku-Faceboo.
Kunezinsolo zokuthi lolu shintsho lwenzelwe ukuthi kwande ezokuxhumana kule nkundla, ngokuguqula lokhu okuvela emakhasini abantu nokuthi abantu bakhuthazwe ukuba bakhulume ngempilo yabo yangasese.
Lokhu kusho ukuthi lizokhula izinga likafacebook futhi yande nenzuzo ngokuhamba kwesikhathi, kubika iBUSINESS REPORT ONLINE.
- News24