UMercedes-Benz ucela kubuyiswe izimoto ezingu-1m ezisengozini yokusha

2017-03-06 14:00

Detroit – Isikhondlakhondla senkampani eyakha izimoto zikanokusho, uMercedes-Benz, sesicele ukuba kubuyiselwe emuva izimoto ezilinganiselwa esigidini kanye nalezo eziwuhlobo lwama-SUV ngenxa yobungozi bokushisa ngokweqile nokudala ukusha.

Lapha kubalwa izimoto zohlobo lwe-C-Class, i-E-Class, i-CLA, i-GLA kanye neGLC, ezingama-SUV, zonke ezangonyaka ka-2015 kuya kunyaka ka-2017, kanti kuzo kubalwa nezilinganiselwa ku-308 000 zaseMelika.

NgoFebhuwari kunyaka ka-2015, uMercedes-Benz SA wacela ukuba kubuyiselwe emuva izimoto ezingu-2200 ngenxa yenkinga enjinini eyayingaholela ekugqamukeni komlilo.

OLUNYE UDABA: IVIDEO: Abakwa-Ford SA baphendula ngemoto eshe ihamba

NgoMashi kunyaka ka-2017, le nkampani yaseGermany ibike izigameko ezingu-51 zokusha kwezimoto emhlabeni wonke kanti zibalelwa ku-30 eMelika.

NgoLwesihlanu, abakwaMercedes badalule ukuthi uma lezi zimoto zingafuni ukuduma, ukuzama ukuyidumisa izikhawu eziningi kungadala ukuthi ishise ngokweqile nokungagcina sekuncibilikisa amaphathi ezimoto aseduzane.

Ukulungiswa kwalezi zimoto kuzokwenziwa mahhala kanti kuzothatha izikhathi esingangehora ukuthi kufakwe okuthile okuzovimbela le nkinga.

AbakwaMercedes-Benz South Africa batshele iWheels24 ukuthi ithimba labo lisabheka ukuthi zingaki izimoto ezikhahlamezekile eNingizimu Afrika.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...