UMasipala weTheku uthi seyilungile inkinga yokukhokhwa kwezikweletu

2017-03-11 08:33

eThekwini - UMasipala weTheku uthe bekunezinkinga ngohlelo lokukhokhwa kwezikweletu zomkhandlu ngamakhasimende. 

Lolu talatiya ludalwe wukushintsha kwendlela yokuqoqa izikweletu kusukwa kwendala sekuqalwa uhlelo olusha i-Revenue Collection System ngonyaka odlule. 

"Sifunde isifundo futhi asifuni ukubeka amakhasimende ethu ngaphansi kwengcindezi," kusho uMgcinimafa weTheku uKrish Kumar. 

UKumar uthe inkinga enkulu ebisezincwadini ezinamaphutha ebezithunyelwe amakhasimende idalwe ukungafundeki kahle kwemininingwane ebithathwa kuma-meter ngabasebenzi bomkhandlu. 

Uthe ezinye izikweletu ezibizayo zidalwe ukuvuza kwamapayipi amanzi. 

OLUNYE UDABA:Inhlangano isezinhlelweni zokubopha uMasipala

Uthe enye yezinkinga ibangelwa wukususwa kwemininingwane ngaphansi kohlelo oludala kungenwa kolusha, lokhu okwabhebhethekiswa nawungabibikho kwe-GPS kwenye yezakhiwo edingwa yilolu hlelo olusha. 

Ukubhekela ingomuso, uKumar uthe umkhandlu uhlela ukwethula ama-smart meter namanye okwazi ukuzikhokhela kuwo okuhloswe ngakho ukuqeda nya inkinga umasipala obhekene nayo, kubika iSolezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...