Ukukhuluphala ngokweqile kwabantu kulahlekisela izwe ngo-R700bn ngonyaka - Ucwaningo

2017-10-14 15:02

Johannesburg – Ukukhuluphala ngokweqile kwabantu eNingizimu Afrika kuwulahlekisela ngemali elinganiselwa ku-R700bn ngonyaka umnotho wezwe, kusho ucwaningo.

Ngokombiko weDiscovery Vitality OBEcity Index ka-2017, eyethula imibono ngesisindo somuntu kanye nomkhuba wokuthengwa kokudla ngamalungu eVitality emadolobheni akuleli ayisithupha, kuvele ukuthi ukukhuluphala ngokweqile akuthikamezi kuphela abantu ngabodwana, kepha nomnotho nawo uyazwela.

Lolu cwaningo lwenziwe emadolobheni okubalwa iGoli, iPitoli, iKapa, iTheku, iBloemfontein nePort Elizabeth.

Ukukhuluphala ngokweqile kwabantu kulahlekisela umnotho womhlaba ngo-R16.4trn ngonyaka, okusho ukuthi abantu iNingizimu Afrika yona bayilahlekisela ngo-R701bn.

OLUNYE UDABA: Usencamile owakuleli oxoshelwa ukukhuluphala ngokweqile eNew Zealand

Ukukhuluphala kuba nomthelela ongemuhle okukhiqizeni, nokufakela umnotho wakuleli u-R109bn njalo ngonyaka.

Ukunyuka kwezinga lokulova kwabantu emsebenzini eNingizimu Afrika ngenxa yokugula kulahlekiselwa izwe ngo-R47bn, ngokusho kwalo mbiko.

Uma abantu bekhuluphele kusho ukuthi uhulumeni ungena ajule ephaketheni ukubahlinzeka ngezinsiza ngoba bagula njalo.

Izibalo zitshengisa ukuthi abantu besifazane abakhuluphele ngokweqile bahola imali engaphansi ngo-11% uma kuqhathaniswa nabanesisindo esithathwa njengesamukelekile.

Izinto ezikhuluphalisa kakhulu abantu ukuthengwa kokudla osekuvele kuphekiwe, ukudla ama-noodles kanye nama-snack bars, okukhuphuke ngo-40% phakathi kuka-2005 no-2010,” kusho lo mbiko.

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...