UKhisimusi usheshe wafika kubashayeli bezimoto

2016-12-04 13:32

Cape Town – UKhisimusi usheshe wafika kubashayeli bezimoto njengoba kumenyezelwe ukuthi uyehla uphethiloli nodizili, kusho uMnyango wezaMandla ngoLwesihlanu.

NgoLwesithathu, zonke izinhlobo zikaphethiloli zizokwehla ngo-20 cents ilitha, kuthi udizili wona wehle ngo-32 cents ilitha.

I-Automobile Association (AA) yakhipha isitatimende ngoLwesibili, yathi ngokubheka izinto ezithile nombiko odedelwle yiCentral Energy Fund, baqagula ukuthi uphethiloli uzokwehla ngemali ebalelwa ku-41 cents ilitha kuthi udizili wona wehle ngo-38 cents.

OLUNYE UDABA: Uyenyuka uphethiloli ngesonto elizayo - UMnyango

I-AA ithe nokho abantu abangajabuli kakhulu zingakakhishwa izibalo eziqondile ngoba ukwehla kukaphethiloli kuncike ezintweni eziningi.

Lezi zinto zibandakanya ezombusazwe kuleli, isimo somnotho nokuguquka kwesimo somnotho eMelika kulandela ukunqoba ukhetho kukaDonald Trump.

Ngenyanga eyedlule, zombili izinhlobo zikaphethiloli zenyuke ngo-45 cents ilitha, kwathi udizili wona wenyuka ngo-63 cents ilitha.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...