Ukhale ngaphansi uGordhan kwelokungenelela kwamabhange kweyabakwaGupta

2017-08-18 12:33

Johannesburg – Inkantolo isinqume ukuthi isicelo salowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, obefuna ukuthi kukhishwe isinqumo esimkhululayo ukuthi angangeneleli ezinqumweni zamabhange, sichithiwe.

UJaji Aubrey Ledwaba ukhiphe lesi sinqumo eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngoLwesihlanu.

Lesi sicelo sichithwe nezindleko zaso, nesezizothwala (izindleko) uNgqongqoshe wezeziMali, uLedwaba usho kanjalo.

OLUNYE UDABA: OwakwaGupta ugxeke uNgqongqoshe ngokuhubhuza amanga

Isicelo sokukhululwa ebesifakwe yiStandard Bank naso sichithiwe, savuna inkampani yabakwaGupta, i-Oakbay.

Amabhange u-ABSA, uFNB, uNedbank, uMphathi kanye noNobhala weReserve Bank kanjalo noMqondisi weFinancial Intelligence Centre kuzomele bakhokhele izindleko.

UGordhan wafaka lesi sicelo ngo-Okthoba ngonyaka odlule. Lolu daba lwalalelwa ngoMashi.

I-Oakbay yanikela kuNgqongqoshe ukuze angenelele ngesikhathi amabhange amane, uStandard Bank, u-ABSA, uFNB kanye noNedbank bevala ama-account asebhange ale nkampani yalo mndeni ongomacaphuna kusale.

UGordhan wayefuna ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi angeke akwazi ukugxambukela ezinqumweni ezithathwe amabhange. 

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...