Ugcine ekhishiwe esikhundleni ubehola ibhodi lakwa-SAA

2017-10-19 09:30

Johannesburg – Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuqoke uJohannes Bhekumuzi Magwaza njengosihlalo weSouth African Airways (SAA), kanti ungena esikhundleni sikaDudu Myeni, osondelene kakhulu noMengameli Jacob Zuma, kubika i-eNCA ngoLwesithathu.

I-SAA ngoLwesine ithe nakuba lezi zindaba izizwa emithonjeni yabezindaba, yona ayikaziswa ngazo ngokusemthethweni.

Nokho ngoLwesine uMnyango kaMgcinimafa ukuqinisekisile ukuthi kwenziwe izinguquko kwibhodi lakwa-SAA ngokombiko we-eNCA.

OLUNYE UDABA: Kushayele irandi uZuma enza izinguquko kwiKhabhinethi

UMyeni waqokwa kabusha ngoSepthemba 2016 isikhathi esingango nyanga, kanye namanye amalungu ebhodi angu-11.

Ngokombiko, iKhabhinethi likaZuma likwamukele ukuqokwa kwamalungu amasha ebhodi lakwa-SAA.

 

Amalungu amasha ebhodi ango:

·         JB Magwaza,

·         Nolitha Fakude

·         Geoff Rothschild

·         Ahmed Bassa

·         Tinyiko Mhlari

·         Martin Kingston

 

Amalungu ebhodi abuyiselwe:

·         Swazi Tshabalala

·         Peter Tshisevhe

·         Thandeka Mgoduso

·         Peter Maluleka

·         Akhter Moosa

 

Amalungu ebhodi akhishiwe:

·         Chairperson Dudu Myeni

·         Tryphosa Mmakeaya

·         Mzimkhulu Malunga

·         Siphile Buthelezi

·         Nazmeera Moola

·         Gugu Sipamla

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...