UCell C uchithe uTelkom uzama ukuwuthenga

2017-02-23 16:00

Johannesburg – Inkampani yomakhalekhukhwini egutshuzelwe yizinkinga, uCell C, usuchithe isiphakamiso sokuyithenga nebesenziwe ngenye inkampani yezokuxhumana, uTelkom, yathi ukuthengwa kwayo inkampani eku-JSE, iBlue Label Telecoms, kusaqhubeka.

Kuyimanje iBlue Label Telecoms isezinhlelweni zokuthenga ingxenye engu-45% wobunikazi bale nkampani yomakhalekhukhwini engeyesithathu ngobukhulu eNingizimu Afrika ngesamba semali engu-R5.5bn.

OLUNYE UDABA: #Budget2017: Isinyusiwe imali yesibonelelo sikahulumeni

USihlalo wakwaCell C, uMohammed Hariri, uthi le nkampani ithole isiphakamiso ebesingaceliwe, esingabophezeli futhi esinemibandela esivela kuTelkom sokuthenga le nkampani.

“Abaqondisi bebhodi lakwaCell C bangathanda ukukuqinisekisa ukuthi uCell C usuvele usungene ezivumelwaneni ezibophezelayo nalapho usuzibophezele khona ekuthengweni kwawo yiBlue Label Telecoms Limited, phakathi kwezinye izinhlangothi,” kusho uHariri esitatimendeni.

Uqhube wathi uCell C usuthathe isinqumo sokuthi ungazibandakanyi kunoma ngabe yiziphi izivumelwano.

Muva nje uCell C usanda kwehliselwa ezingeni elisesigabeni esiphansi okuyisigaba ‘D’ yisikhungo esikelisa isimo samabhizinisi kanye neminotho yamazwe, iStandard & Poor’s, - nokuyizinga eliphansi kakhulu ukuthi kukleliswe kulona inkampani.

IBlue Label Telecoms isanda kudalula kubanikazi bamasheya akwaCell C ukuthi uCell C wenze inzuzo ka-R2.8m ezinyangeni eziyisithupha kuze kube nguJuni mhlaka-30 kunyaka ka-2016.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...