UCapitec uqinisekise eyokuvala ama-akhawunti ka-MMM

2016-05-30 17:01

Cape Town – Elinye lamabhange amakhulu kuleli, uCapitec, usudalule ukuthi usuvale ama-akhawunti asebhange angu-2 000 amakhasimende ayamaniswa nestokfela sakwa-MMM.

Isikhulu esiphezulu kwaCapitec, uGerrie Fourie, ukhulume eseStellenbosch emhlanganweni wonyaka, watshela iFin24 ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngoba bezama ukuvikela amakhasimende abo.

“Isithinte kakhulu eyebhanoyi lakwa-MMM,” esho.

UFourie uthe ngemuva kokwazi ngaleli bhanoyi, ibhange labe seliqala liba mehlomane ngemali efakwayo nekhishwayo emayaniswa no-MMM, ngaphambi kokumisa la ma-akhawunti.

OLUNYE UDABA: 'I-MMM izovalelwa ukunothisa iningi'

“Sivale ama-akhawunti angaphezulu kuka-2 000 abebandakanyeka kulesi stokfela,” esho.

“Amanye amakhasimende ayenodlame ngale ndlela yokuthi sagcina sesiqasha onogada.”

UFourie ube esegxeka ibhange loMbuso ngokungalusukumeli lolu daba ngokushesha, ngemuva kokuthi libazise ngo-MMM ngasekuqaleni kwalo nyaka.

“Salubika udaba lakwa-MMM kodwa lwaze lwasukunyelwa ngemuva kwezinyanga ezine. Konke esikwenzayo sikwenza ngoba sivikela amakhasimende,” esho.

Thola udaba oluphelele ku-Fin24.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...