U-Samsung usumise ukwakhiwa kwefoni egqamuka umlilo – umbiko

2016-10-10 12:27

Seoul – Isikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe, uSamsung, kubikwa ukuthi sesikumisile ukwakhiwa kwama-Samsung Galaxy Note 7 njengoba izitolo zingasayingeni eyokuwadayisa ngenxa yenkinga edala ukuqhuma kwe-battery.

USamsung usukumise okwesikhashana ukwakhiwa kwale foni yawo engebiza kakhulu, ngokusho komthombo osondelene kakhulu nodaba ngoMsombuluko, nocelwe ukuba ungadalulwa ngoba isinqumo asikamenyezelwa emphakathini.

Le mibiko engemihle iphinde yaba nomthelela omubi kuma-shares ale nkampani njengoba eye ehla ngo-4.6%.

OLUNYE UDABA: Iza eMzansi ifoni yakwaSamsung egqamuka umlilo

Amafoni anikwa amakhasimende ukuvala isikhala salawa ayeqhuma nawo kubikwa ukuthi anenkinga yokushisa kakhulu kanye nokokheleka ngomlilo, nokudale ukukhathazeka kokuthi uSamsung awuzange uyilungise inkinga kula mafoni.

Izinkinga kule nkampani yaseKorea zaqala ezinyangeni ezimbili ezedlule emva kokuthi amakhasimende efake ezinkundleni zokuxhumana imifanekiso yama-Galaxy Note 7 awo ayeseqhumile.

Enye iNote 7 isanda kushunqa intuthu ebhanoyini lisemoyeni kanti kuye kwabikwa nezigameko zokusha kwezimoto kanye nendlu ngenxa yale foni. 

IMIFANEKISO: 

Enye yama-Samsung Galaxy Note 7 eye yaqhuma. Isithombe: Ariel Gonzalez / YouTube. 

Isithombe: AFP

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...