U-Samsung ulahlekelwe ngu-R33bn ngenxa yefoni egqamuka umlilo

2016-10-12 18:02

Seoul – Isikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe, uSamsung, sesilahlekelwe yinzuzo ka-R33bn ekoteni yesithathu kulandela ukumisa ukwakhiwa kwefoni yayo kanokusho edume ngokusha kanye nokokheleka ngomlilo, iSamsung Galaxy Note 7.

Inzuzo yale nkampani kulindekele ukuba ibe ngu-5.2 trillion won ($4.63bn) esikhundleni sika-7.8 trillion won ezinyangeni ezintathu kuya kuSepthemba.

USamsung kanye no-Vice Chairman, uJay Y. Lee, badonse kanzima ukubhekana nezinxushunxusha zamafoni abeshisa ngokweqile nokuholele ekutheni aqhume kanti amanye abokheleka ngomlilo.

OLUNYE UDABA: Ishise itafula ifoni yakwaSamsung esitolo sokudlela

Lokhu kuqhubeke phezu kokuthi le nkampani icele ukuba la mafoni abuyiselwe emumva ukuze alungiswe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba nalawo obekuthiwa alungisiwe nawo ebe nenkinga efanayo.

Phakathi kwezinye zezigameko ezike zabikwa zokusha kwale foni kubalwa ukusha kwezimoto, indlu kanye nokushunqa intuthu kwenye yama-Note 7 ebhanoyini lisemoyeni.

Mumva nje kusanda kusabalala ne-video lapho enye yama-Note 7 ishise itafula esitolo sokudlela uBurger King. 

- Bloomberg

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...