U-MTN uyavuma ukuthi ama-data abiza kakhulu kwabahlwempu
2017-08-04 09:31
Johannesburg – I-CEO yakwa-MTN, uRob Shuter,
uvumile ngoLwesine ukuthi intengo yama-data kuleli imba eqolo kakhulu
kumakhasimende angenawo ama-contract (out-of-bundle) futhi lokhu kumele
kulungiswe.
Lesi sikhulu sakwa-MTN
sithi yize noma intengo yama-data kulabo abanezinkontileka (in-bundle) ikwazi
ukuncintisana, kodwa intengo yama-data kulabo abangenazo izinkontileka kumele
yehliswe. Uthembise ngokuthi uMTN uzobheka izindlela ongenza ngazo intengo
yama-data ikhoneke kubantu baseNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA: UTelkom uwine ingqophamlando yecala ngoVodacom
Uthi kumele benze
isiqiniseko sokuthi intengo yama-data iyaheha ngisho nakubantu abasezindaweni
ezisemakhaya abathenga umthamo wama-data omncane njalo.
Kodwa-ke uShuter uthi njengamanje uMTN awunazo
izinhlelo ezinjalo.
“Sinomsebenzi okumele siwenze kwa-MTN kulokhu. Kodwa lokhu
nakho kuyingxenye yezingxoxo eziyingxubevange.”
Ngaphambilini, ungoti wezobuchwepheshe, u-Arthur Goldstuck, wathi abantu
abahlwempu abakwazi ukukhona ukuthenga ama-data kanti bakhokha intengo ephakathi
kuka-R1 kanye no-R2 i-megabyte
ngayinye kulabo abangenazo izinkontileka.
“Ama-network
ahlukumeza abahlwempu abangamakhasimende amahle,” uGoldstuck watshela iFin24.
- Finance24