U-MTN uxwayisa amakhasimende ngokuqolwa okuqhubekayo

2017-07-18 12:32

Johannesburg – Isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana, u-MTN, usuxwayise amakhasimende awo ngokuqolwa okuqhubekayo okuphathelene nokushintshwa kwamakhadi omakhalekhukhukhwini (SIM swap) nokuhloswe ngakho ukuthola imininingwane yangasese yamakhasimende.

“Kulokhu kuqolwa, ozenza umsebenzi we-call centre yakwa-MTN ucela imininingwane yezokuphepha yekhasimende ngaphansi kwesizathu sokuthi kuvalwa ukuqhubeka kwesicelo se-SIM swap esenziwe enombolweni yekhasimende ngaphandle kokwazi kwalo noma ukugunyaza,” u-MTN usho kanjalo esitatimendeni.

OLUNYE UDABA:Nazi izibhedlela ezingu-20 ezihamba phambili eMzansi

Le nkampani iqhube yathi la maqola abe eseqhubeka esesebenzisa izimpendulo azinikezwe ikhasimende engxoxweni ukuze enze i-SIM swap ngokuwumkhonyovu.

“Kubalulekile kumakhasimende ukwazi ukuthi uMTN angeke uwathinte amakhasimende e-call centre yawo ukuvimba ukuqhubeka kwesicelo se-SIM swap,” u-MTN usho kanjalo.

Uma ngabe sekuphothulwe uhlelo lwe-SIM swap – okuwukusebenzisa inombolo efanayo ekhadini elihlukile – amaqola abe esesebenzisa imininingwane yekhasimende ukuze enze izenzo eziwukukhwabanisa ezifana nokuvuselelwa kwezinkontileka zomakhalekhukhwini. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...