U-MTN uhlawuliswe izigidi zamarandi eRwanda

2017-05-18 07:01

Johannesburg – I-MTN Rwanda ngoLwesithathu imemezele ukuthi ithole isaziso mayelana nesinqumo sokuyihlawuliswa imali engango-US$8.5 million (R112.1 million).

Le nkampani yezokuxhumana ihlawuliswe yi-Rwanda Utilities Regulatory Authority (RURA) ngokungalandeli imithetho yezamalayisensi.

Lokhu kumayelana nokungalandeli imigomo ekhishiwe enqabela ukufakwa kwe-MTN Rwanda ngaphansi kwe-hub yeMTN South and East Africa (SEA) IT, ezinze e-Uganda.

I-RURA ithi i-MTN ayiyilandelanga imigomo yezokuxhumana ngokuthi ithathe lolu hlelo yalukhipha kuleliya lizwe.

OLUNYE UDABA:INigeria ihlawulise abakwaMTN

Ngokwesitatimende, i-MTN Rwanda iyona enkulu kakhulu kuleliya lizwe kanti kuthiwa ixhumana nezikhungo okuyizona eziphethe imithetho yezokuxhumana ukuze kuxazululeke lesi simo.

“I-MTN ixoxisana neziphathimandla zezomthetho ngalolu daba kanti sekuphele izinyanga ezine. I-MTN Rwanda isafundisisa isaziso sale nhlawulo futhi izoqhubeka nemizamo yokuthola isixazululo,” kusho abakwa-MTN.

Ngonyaka odlule, i-MTN Nigeria yavuma ukwehlisa inhlawulo ka-$1.67-billion nokhomishana wezokuxhumana kuleliya lizwe ngemuva kokuhlawuliswa imali engango-$5.2-billion ngokuhluleka ukubhalisa ama-sim card angu-5.1 million, kubika i-African News Agency.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...