U-FNB uthi izinto sezibuyele esimweni, kodwa amakhasimende awaneme

2017-08-25 16:00

Johannesburg – Ibhange lakwa-FNB lithi selizibuyisele esimweni izinhlelo zalo zokubhanga ngemuva kobuhixihixi obenze kwangafinyeleleka ezinsizeni zaleli bhange, kodwa kubikwa ukuthi amakhasimende asabhekene nezinkinga.

Okhulumela leli bhange, uPeter Alkema, utshele iFin24 ukuthi uFNB uye wabhekana nenkinga yokuxhumana ebilokhu yenzeka izikhawu ezimbalwa ibuye iyeke nokudale inkinga ezinsizeni ezithile ngoLwesihlanu ekuseni.

OLUNYE UDABA: Uthola usizo ngapha nangapha ophuthwe yi-bursary egilwa uVodacom

“Singakuqinisekisa ukuthi ukufinyelela kuzo zonke izinsiza zethu zokubhanga sekubuyiselwe ngokuphelele.”

Leli bhange lixolisile kumakhasimende athintekile ngokuphazamiseka okudalekile, usho kanjalo.

Phezu kwalokho, amakhasimende anikele kuTwitter egxeka leli bhange. 

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...