U-Eskom uzobolekwa u-R20b yibhange laseChina

2017-07-04 11:00

Cape Town – Isikhondlakhondla senkampani ephehla amandla kagesi kuleli, u-Eskom, sizosayina isivumelwano sokubolekwa imali sika-$1.5bn (R19.78bn) neChina Development Bank ngoLwesine, njengoba le nkampani kahulumeni iqhubeka nezinhlelo zokuthola imali ezoqhuba ngayo umsebenzi onyakeni ka-2017.

NgeSonto eledlule, obambe njengesikhulu esiphezulu kwa-Eskom, uJohnny Dladla, udalule ukuthi u-Eskom uthole u-77% wemali yokuqhuba umsebenzi wayo onyakeni wezimali ka-2017/18.

Uthe onyakeni ka-2016/17 wezezimali, u-Eskom unyuse ukuboleka kwawo imali kwaze kwafinyelela ngaphezu kuka-R60bn.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umphathi webhange Ithala

Esitatimendeni ngesonto eledlule, uDladla uthi bayazethemba ukuthi bazogcina bekwazile ukuthola imali edingekayo yokuqhuba umsebenzi wa-Eskom, phezu kwezimo ezinzima emnothweni.

Uthi abayiboni into engabanika inkinga, ikakhulukazi njengoba bephinde bathole ukuzibophezela kukahulumeni ngokuthi kube uyena okhokha isikweleti uma ngabe u-Eskom ehluleka ukukhokha.

Lokhu kubolekwa imali kuka-Eskom kuza phezu kokuthi le nkampani ephehla amandla kagesi isanda kwehliselwa esigabeni esiphansi sesimo sozinzo lwezimali (downgrade) okwenziwa yizikhungo eziklelisa izinga leminotho yamazwe kanye nezinkampani, iMoody’s, i-S&P kanye neFitch.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...