U-Eskom usuqoke ozobamba njenge-CEO

2017-06-22 16:00

Cape Town – Inkampani ephehla amandla kagesi kuleli, u-Eskom, usuqoke uJohnny Dladla njengozobamba esikhundleni sokuba yiChief Executive Officer (CEO) yale nkampani.

“UDladla unamakhono anele okwenza kahle emsebenzini wakhe. Uneminyaka engu-22 yesipiliyoni ngaphakathi kwa-Eskom, iminyaka engu-17 ayichithe emabhizinisini ahlukene angalawulwa kanye neminyaka emihlanu njenge-Chief Executive Officer ye-Eskom Enterprises kanye nezinye izinhlaka zayo,” kusho obambe njengoSihlalo webhodi lakwa-Eskom, uZethembe Khoza.

OLUNYE UDABA:BUKA: Wamukelwe ngenhlokomo ‘uPapa Action’ Molefe kwa-Eskom

“Ngiyakwamukela ukuqokwa kukaMnumzane uDladla njengoba kuzoletha olunye uzinzo kwa-Eskom kanye nethimba labaholi bayo,” kusho uNgqongqoshe waaBhizinisi kaHulumeni, uLynne Brown.

Lokhu kuqokwa kuqeda ukuqagula obekukhona kokuthi uMatshela Koko uzobuyela emsebenzini wakhe njengebamba lesikhulu esiphezulu.

Ubelokhu esekhefini eliyisipesheli kusukela kwabuya isigubhukane uBrian Molefe kwa-Eskom ngoMeyi. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...