U-Eskom usumise ngokusemthethweni isikhulu sawo

2017-09-29 16:01

Cape Town - Inkampani ephehla iphinde iphakele leli ngogesi, u-Eskom, isimise ngokusemthethweni u-Anoj Singh oyiChief financial officer, njengoba kulindeleke ukuthi aqondiswe izigwegwe, kusho lesi sikhondlakhondla ngoLwesihlanu.

USingh wanikezwa ikhefu eliyisipesheli ngoJulayi, lokhu kwenziwa amalungu ebhodi lakwa-Eskom kuze kube kuphothulwa uphenyo mayelana nokuziphatha kwakhe.

Ukumiswa kwakhe kuza ngemuva kokuqonga kwezinsolo ezithi uyathinteka ekukhishelweni kwamathenda ngokungemthetho izinkampani eziyamaniswa nabakwaGupta, waphinde wathola izipho ezivela kulo mndeni osematheni kulezi zinsuku.

IFin24 ike yabika ngaphambilini ukuthi uSingh ufakwe kuleli khefu eliyisipesheli nguNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba nowezamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown kulandela ukusabisa kweDevelopment Bank of SA (DBSA) ngokuthi izowuhoxisa u-R15bn eyawuboleka le nkampani uma uSingh engathathelwa izinyathelo.

OLUNYE UDABA: U-Eskom usuqoke ozobamba njenge-CEO

Esitatimendeni, u-Eskom uphinde waveza ukuthi ukuqondiswa izigwegwe kwesinye isikhulu, uMatshele Koko, kuzoqala kula masonto amabili ezayo.

“Bobabili uSingh noKoko bazolithola ithuba lokuqondiswa izigwegwe elingenakwenzelela," kufundeka isitatimende.

UKoko wamiswa ngoJulayi kulandela ukuvela kokuthi kunamathenda anikezwa inkampani i-Impulse International – ekubeni indodakazi yakhe yayingumqondisi kule nkampani.

UKoko, owaba yibamba lalowo owayeyisikhulu esiphezulu uBrian Molefe, waqale wanikezwa ikhefu eliyisipesheli kulandela ukuvela kwezinsolo ngokuziphatha kwakhe.


- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...