U-Eskom usufake isicelo sokunyusa amanani kagesi ngo-19.9%

2017-09-14 19:30

Johannesburg – Isicelo senkampani ephakela elakuleli ngogesi sokunyusa amanani kagesi ngo-19.9% kusho ukuthi amakhasimende komasipala angagcina esekhokhe imali engezwe ngo-28% kagesi ngoJulayi wonyaka ozayo.

Isikhungo esibuyekeza amanani kagesi, iNersa, ngoLwesine inikeze u-Eskom imvume yokubamba izigcawu zokulalela izethulo zomphakathi mayelana nokunyuswa kwamanani kagesi.

U-Eskom ufuna ukunyusa imali yayo engenayo ibe ngu- R219.5bn, okuchaza ukuthi iyakudinga ukunyusa amanani kagesi ngo-19.9%.  

Lezi zindaba ezimbi kumakhasimende ziza ngemuva kokuthi iNersa ivumele le nkampani ukuba ithathe lesi sinyathelo.

OLUNYE UDABA: U-Eskom uzodingida ngolwamanani kagesi

Lowo ohlaziya eziphathelene nezamandla, uChris Yelland, utshele iFin24 ukuthi u-19.9% kanye nokunye ukunyuka kwamanani kungase kubone u-Eskom enyusa amanani kagesi ngo-53%.

Izigcawu mayelana nalokhu kunyuka kulungiselelwe ukuba zilalelwe ngoSepthemba, Okthoba nangoDisemba, ngemuva kwalokho iNersa izobe isinquma ukuthi ugesi uzonyuka kangakanani.

U-Eskom usuvele wawunyusa ngo-2.2% ugesi ngoJuni.

Abantu abaningi bakhala ngokuthi ukunyuswa kwamanani kagesi kusho ukuthi amakhasimende ngeke akuthole ukuphefumula.

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...