U-Cell C usuzonikeza amakhasimende imali

2016-09-28 16:03

Cape Town -  Inkampani yezokuxhumana engeyesithathu ngobukhulu kuleli, u-Cell C, usuqale umkhankaso wokuheha amakhasimende nalapho uzonikezela ngemali engafinyelela ku-R10 000 kumakhasimende awo.

Le nkampani imemezele lezi zindaba ngoLwesithathu nalapho iveze ukuthi lokhu kuzoba yingxenye yemihlomulo ezotholakala kolunye uhlobo lwezinkontileka zale nkampani nolaziwa nge-‘Pinnacle’.

U-Cell C usuzoba nezinhlobo ezintathu zezinkontileka ngaphansi kwelesi sigaba sama-Pinnacle, nokuzoba yi-Pinnacle 600, i-Pinnacle 1000  kanye ne-Pinnacle Unlimited.

OLUNYE UDABA: UCell C uzoyilwa enkantolo eyesikhangiso esigxekayo

Isibonelo, amakhasimende e-Pinnacle Unlimited asezokwazi ukushaya izingcingo udede ngaphandle komkhawulo, athumele ama-SMS ngaphandle kokukalelwa bese ethola no-3GB wama-data ohambisana no-7GB wama-data ngaphezulu oyi-promotion kuze kube kuphela inkontileka.

“Bazophinde bathole namaminithi angu-1000 amahhala okufona nge-Wi-Fi kanye nokubuyiselwa yiimali enkulu engu-R10 000,” kusho u-Cell C wengeza ngokuthi namakhasimende e-Pinnacle 250, akhokha u-R250 ngenyanga, nawo azothola imali engu-R3000.

kuzokhumbuleka ukuthi u-Cell C awuqali ukudiza ngemali kumakhasimande njengoba ngonyaka ka-2015, wenza esifanayo ngokukhokhela izikweleti ezisalelwe amakhasimende awo kwezinye izinkampani ukuze ezothatha (amakhasimende) izinkontileka nawo. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...