U-Cell C ukhale ngerandi unyusa ama-data

2017-01-11 14:31

Johannesburg – Phezu komkhankaso obushubile we-#datamustfall eNingizimu Afrika, inkampani yezokuxhumana, uCell C, usukhethe ukunyusa amanani ama-data awo kuleli.

Le nkampani itshele iFin24 ukuthi ezinye zezizathu eziholele kulokhu kwenyuka kubalwa ukunyuka kwamanani ezinto, amandla erandi, ukuhwebelana ngedola laseMelika kanye nongabazane olukhona kule mboni yezokuxhumana.

OLUNYE UDABA: U-Cell C usuzonikeza amakhasimende imali

Iqhuba ithi phezu kokuzama ngayo yonke indlela ukugcina amanani engashintshile, kodwa ukunyuka kwezindleko zokunikezela ngosizo lwezokuxhumana kwenze kwaba nesidingo sokunyusa amanani ezindleko ezikhokhwa amakhasimende.

Ngokwesitatimende esithunyelelwe amakhasimende akwaCell C, ukusebenza kwamanani amasha kuzoqala ngomhlaka-1 Febhuwari, kunyaka ka-2017.

Manje intengo ephansi kakhulu yamaSmartData Bundles akwaCell C isizonyuka ngo-R2, ibe ngu-R10; bese kuthi abiza kakhulu wona anyuke ngo-R9, abe ngu-R99.

Ngaphezu kwalokho, u-1GB usubiza u-R75, bese kuthi u-10GB, obubiza uR299 ngaphambilini, manje usuzobiza u-R349 ngenyanga. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...